Sub Categories

Ngizama ukitshala ama curry leaves la egcekeni manje angazi kumele ngifake u curry ongakanani emhlabathini. Ngicela ningisize. (*Zwe, ekhathazekile*)



Kubo bonke laba ababethi uBabe ungidlisile, ngihlezi naye la sixoxa ngodaba lwenu, ngicamele esifubeni sakhe nginibala 1 by 1😁😁

Haiybo! Uyazi ngiphuphe kambi kanjani izolo kuthiwa abafazi baphelile estolo. Nabakade bekwi laybye bonke bakhokhelwe u cash. Ngaphuma estolo ngijuluke ngimanzi ngingaphethe lutho ngoba naye lo ebengithi uSoulmate wami kuthiwa uthengiwe… Cash on delivery, uhambile naye

Sengikubambile, sengiyazi ukuthi uwena. Ur busy ulokhu uthi makhi_makhi (Makhelwane) kimi, kanti wazi kahle ulambela ezinkukhwini zami. Ngifuyile kodwa wena uyangintshontshela.Y ungasho ukuthi uyazithanda ngikusisele. Uyinkentshane imbungulu uqobo lwayo. Udla amandla ami lwabishi, doti…


Ngi bussy usuku lonke ngilungiselela umuntu othe uzongivakashela aqede yonke indlala kimi. Ngimphekele kamnandi nenkukhu isibhuxhabhuxha. Udla inkukhu yami uze uncinda iminwe, Uhlulwa ukudla mina. Ujika lapho ungishaya ngo solo. Ngizowenzani u-one round, angahamba kanjani yena esuthi mina ngilambile?Uyadlala. Ngiyayifuna nje inkukhu yami.

Haiy, bayaganwa abantu la ngaphandle. Ngivele ngilobole umuntu ohlulwa nawuku boiler iqanda.


Haiy, uyangilandela shame, nawe usukwiTelegram. nakwi BBM kwakunguwena. Bangakhi abangani bakho oza nabo laaa.


Guys, ngithukile eSouth Africa in this rainbow country, nabaphathi bezwe besantshontsha bedla imali yabahlali. ukuthi kusakhona abantu abasabizana ngamaQabane noKlova. Sihlezi emakhaya noGrade12, Diploma, Degree, MSc nama Masters ethu kulendlala engaka. Haiybo,aniswele lutho nina. Yazi ngavele ngabona udlame straight.

Nywe Nywe Nywe… ujola nesangoma.
Kanti sona asiyena yini umuntu. Noma kunezicubi ezingekho.Yake yagulisa bani impepho.