Sub Categories

Axake umuntu afune umdayisele imbuzi umtshene imali athi iyabiza, athi ubaba wayezifuye zoning kabi zazingabizi kanje, akhohlwe ukuthi akuzona zababawakhe lezi, angithi kwakuthiwa akeluse abalekele emajikini akashone khona ke ayoyithenga khona



Lamadoda ahlala egqoke amabhantshi noma libalele asuke efihlani, uboke ubuze eyangakini nawe,ubhasobhe kodwa hlambe aphatha oqhwasha nje

Lamadoda ahlala egqoke amabhantshi noma libalele asuke efihlani, uboke ubuze eyangakini nawe,ubhasobhe kodwa hlambe aphatha oqhwasha nje

ithemba alibulali kubeliyabulala ngabe sengabamathambo mhlophe,
bolibeka nalapho lingekho khona


Zingane akesizifundise ukusebenza emakhaya makusetshenzwa, singabaleki,kuyalinywa uyabaleka kuyatshalwa uyabaleka nomakuhlakulwa awukho, masekuvuthiwe indlela eya ensimini ivulwa yini,masingagadi izintibane sigade nani bakwethu, hhay kabi

ave engabukeki umuntu omdala edla usimangothi (stick sweet) ungathi yisalukalukazi senkomo siququda ihleza,shiyani izinto zezingane bakwethu


avekumnandi ukuthula noma inanimate bedlalangawe, bekuthembisa into engekho uvume nje, mhla sebeshaywe umhlaba uyobabona sebekhuluma iqiniso lapho wena ungasalidingi ngoba kade walazi


Ubofunda phela ukupheka ungavele uqulele ubhontshisi emafutheni ungazange wawubilisa wathamba, sokuzeka thina sibona ubuhle bese wena uyasihlaza la

Indoda iyahonqa mayilele kuzwakale ukuthi ukhona ubaba wekhaya kungasale sekuthuleka nje

Indoda yangempela igqoka usize 7 kuyaphezulu, akufuneki ubange isicathula nezingane, sokubona ugqoke amaback to school umdala izingane sezihambe nezicathulo zakho zodlisa kontangabazo