Sub Categories

“Lizbethe mngani,

Ngithi angikulobele le migqa embalwa ngikwazise ngesimanga esangehlakalela ngeSonto eledlule.

Phela ngangiphuma enkonzweni ngalolu nyanyavu engaluthengelwa nguThibhoz noMdelwa, ngadlula kulesi sitolo esidayisa izincwadi zamaKhrestu (Christian bookshop). Ngangiyofuna iBhayibheli elisha njengoba leli ebengilisebenzisa linamakhasi angasaphelele.

Nakhu-ke phela sengibona le bumper sticker ebhalwe ukuthi: HOOT IF YOU LOVE JESUS. Ngisithenge, kwazise phela ngangivuselelekile enkonzweni. Ngiphume estolo ngiyonameka le sticker ngemuva ebhuthini, qede ngingene emotweni neBhaybheli lami elisha.

Indaba phela seyenzeka sengifika erobhothini, ngifike libomvu, ngime. Angibonanga noma selishintshile irobhothi, phela ngangisathathekile yinkonzo yangalelo langa. Ngizwe imoto esemva kwami ihutha, ngivele ngewindi ngiphakamise isandla ngibingelela.

“Jesus Christ! Go, go! Just go!” kusho lo mlungu osemva kwami.

Ngajabula ukuzwa ukuthi uJesu uhamba phambili kule ndawo. Zonke izimoto ezazisemva kwami zase zihutha lokhu okumangazayo, kwangijabulisa ukubona uthando olungaka lwabantu bekhombisa ukuthanda uJesu. Ngaphakamisa isandla ngikhombisa injabulo, ngathi ngiphosa amehlo erobhothini ngalibona selibomvu futhi.

Ngezwa enye indoda ithi: “Sunny beach.” Ngabona ukuthi ungowaseThekwini, nakhona bayamthanda uJesu. Omunye umshayeli wangivezela umunwe ophakathi nendawo, ngabuza umzukulu wami uPapi owayehleli ngemuva ukuthi kusho ukuthini lokho. Wathi yi-sign yaseMelika esho ukuthi uJesu umthanda ngenhliziyo yakho yonke. Nami-ke angibange ngisapholisa amaseko, ngamvezela owami umunwe lo mlisa.

Ngabona bonke abantu bephuma ezimotweni zabo beqonde kimi. Ngathi ngithi nhla erobhothini, ngathola umbala uluhlaza. Ngabona kungcono ngihambe, ngaphatheka kabi nokho ukushiya abangani bami ngemuva. Ngicabanga ukuthi babefuna ukuzobuza ukuthi ngikhonza kuphi.

Ngathi ngiqeda kusuka nje, lashintsha futhi irobhothi laba bomvu, kwangiphatha kabi lokho ukuthi abangani bami ngibashiya ngemuva ngasuka ngedwa. Ngabona kungcono ngibavezele umunwe okokugcina, ukubakhombisa ukuthi uJesu ngimthanda kangakanani. Lapho-ke wavele waphela yinsini uPapi, ngicabanga ukuthi wayechazwa yile ndlela emnandi kangaka ye-sign language yaseMelika.

Ngethemba ukuthi ngiyophinde ngibabone labaya bantu abanomusa kangaka, sizoxoxa ngezwi leNkosi.

Yimina,
uTryphina”



girl: “Uyithathephi inamba yami?”

boy: “Ngiyiwine kuVodacom ShakeUp Summer.”

Bayakuhleba uma u-pregnant, uma sewutetile bathi: “Ngiphe yena.”

Abangani benu girls, anginamona shem. 😕


Zanele: “Ukuphi babe? Sengise-town.”

Mkhusta: “Hamba uye ka-Build It, kukhona i-truck lezitina nosimende, ufike ugibele lona, liza ekhaya.”

UThimothi uthwele kanzima estobhini sebhasi usindwa ama-suitcase akhe amabili, ngalowo mzuzu kuqhamuke enye insizwa ithi kuye, “Uxolo mfowethu, bengisacela ukubuza isikhathi.”

Aphefumulele phezulu uThimothi, abeke phansi ama-suitcase bese ubuka iwashi lakhe esihlakaleni, “Isikhathi manje, it’s quarter to six.” Kuchaza yena.

“Hey, laze lalihle iwashi lakho!” kubabaza le nsizwa.

Amamatheke uThimothi, “Ja, lona alithusi. Buka la.” Asho akhombise le nsizwa ama-time zones akwamanye amazwe, hhayi ama-time zones nje kuphela kodwa nesimo sezulu kulawo mazwe.

Athinte izinkinojana kuleli washi bese kukhuluma izwi lithi, “The time now is twelve ’til six!” Lasho leli zwi lisho ngendlela okukhuluma ngayo abantu baseNgilandi. Aqhubeke athinte izinkinojana zewashi uThimothi, izwi lisho okuthile ngesiJaphani. Athi uThimothi, “Lapha ngifake amazwi ahlukahlukene kuye ngokuthi ufuna ukuthola ulwazi lwakuliphi izwe.”

Display yaleli washi yayimangaza, yayiveza kucace konke kuthi bha ngingasayiphathi-ke eyezwi elikhulumayo kuleli washi. Le nsizwa ebuze isikhathi yathatheka, yayisilifuna leli washi.

“Akukhona lokho kuphela.” Kusho uThimothi. Asho athinte izinkinobho futhi, kuvele ibalazwe (map) laseThekwini, “Lama chashaza abhanyazayo aveza ukuthi sime kuphi, asebenzisa i-satellite positioning.”

“Ngiyalifuna leli washi, ngifuna ukulithenga!” kusho lo mlisa obebuze isikhathi.

“Cha bo, alikakulungeli ukudayiswa leli washi. Ngasalungisa amaphutha elinawo.” Echaza umsunguli. “Buka la.” Eqhubeka ekhombisa le nsizwa iwashi lakhe ukuthi liyakwazi ukudlala umsakazo (FM radio), likwazi ngisho ukuqopha izwi uma umuntu ekhuluma kanti futhi ungakwazi nokufunda imiqhafazo (SMSes), uphinde ufunde nezincwadi ezeqile ku-200, “Kodwa mina ngisafake ezingu-32 engizithandayo.” Kuphetha uThimothi.

“Kumele ngilitholile leli washi!” Kusho le nsizwa ingasabambeki.

“Cha bo, awuqondi. Alikakulungeli ukudayiswa…”

“Ngizokunika R1000 njangamanje!”

“Cha, libiza kakhulu kunalokho.”

“Ngizokunika R5000!”

“Kodwa alikakulungeli…”

“Ngizokunika R15 000!” Yasho yadonsa i-cheque book le nsizwa.

Athule uThimothi acabange, yena cishe usebensise R7 500 ukwakha leli washi. Ngalo R15 000 angakhanda amawashi amabili mhlampe ayobe esekulungele ukudayiswa ezinyangeni eziyisithupha.

Le nsizwa iqede ukubhala isheke itatazela, ilithathe iliphayizise ebusweni bukaThimothi, “Nali isheke, ngizimisele ukukunika lona njengamanje. R15 000, take it or leave it!”

UThimothi kwadingeka athathe isinqumo ngokushesha, “OK.” Washo elikhipha esihlakaleni iwashi lakhe bashintshiselana, yaqala yahamba ijabule le nsizwa.

“Hey, mana lapho!” kumemeza uThimothi, aphenduke umlisa emangele.

UThimothi akhombe ama-suitcase amabili lawa kade emsinda, “Ungakhohlwa ama-battery akho!”


Indoda eyayineplazi, yayinezingulube ezinhlanu (5) zensikazi. Yahamba nezingulube izisa kwi-auction, ithe uma ifika yahlangana nomunye umlimi owayezodayisa izingulube ezinhlanu ezingamaduna. “Uma ngifuna zikhwelane lezi zingulube ngingenzanjani?” kubuza indoda enezingulube zensikazi.

“Singahlangana nje mfwethu halfway, zizokhwelana.” kuphendula lo omunye umlimi.

“Manje ngizokwazi kanjani ukuthi sezimithi?”

Aphendule umlimi athi: “Uma sezimithi zizoya otshanini ziyodla, uma zingamithi zizobuyela odakeni.”

Manje babeqhelelene ngo 120km ngokuhlala, bavumelana ngokuthi bazohlangana halfway nezingulube lezo zizo khwelana. Yagcina ingasazidayisanga izingulube indoda yabuyela nazo emuva. Ngakusasa yalayisha izingulube evenini yahamba, yabuya.

Ngakusasa izingulube zavele zaqonda odakeni. Wahamba futhi kwaze kwaphela iviki lonke, izingulube zilokhu zibuyela odakeni. Yagcina isikhathele indoda, ngakusasa ekuseni yathi kunkosikazi wayo: “Nkosikazi ngicela ungibhekela ngewindi lezi ngulube ukuthi zikuphi. Zisetshanini noma odakeni?” ibuza indoda izilalele embhedeni.

Aphendule unkosikazi ebona isimanga ngaphandle, “Vuka baba uzobona! Azikho etshanini futhi azikho nasodakeni, zisevenini enye ingaphambili ishaya ihutha!”


Thol’ukuthi kaaade wagcina ukuthandaza, kuthi la uthandaza khona uqale ngokuthi: “Unjani Nkosi? Ayisazani…” 😐

Ngomcelo nje ka R1000 nembuzi 🐐 ehlanyayo ehamba idla umbila 🌽 wabantu☝️usuthi This WAS YOUR YEAR✋Fuseg Nozibusiso