Nikhokhe oR2 be Valentine eskoleni after school nibone othisha sebosa inyama nithi niyalinda bethi hambani emakhaya iskole sesiphumile!!



Pedi pple can confuse you on the phne while saying am in Durban they say

“Ke ko tepene”

Ngiyayithanda lengoma ka Andile-kaMajola ethi

“Nanoma niyangibona nami angaz ngimithe kanjani namanje ngisamangele”

Guys ayanihlula yin ama jokes esiNgisi cz mangi
post joke yesingisi ngbona o-like bengeqi ku 20


WENDLALA INDUMISO PHEZU KWAMEVA
Wendlala indumiso phezu kwameva,akawasusi ameva bese endlala indumiso kodwa Wendlala indumiso phezu kwawo ameva.
Buka la unkulunkulu uthi la wendlala indumiso phezu kwaMeva(inkinga) kodwa akawasusi Aameva (ayinkinga) kodwa wendlala phezu kwawo.

Ngfuna ukukhuluma nawe namhlanje ngithi unkulunkulu angeke aysusa inkinga empilweni yakho iyohlezi ikhona kodwa iyodwa into ayenzayo ufike endlale indumiso phezu kwayo ukuze wena ukwazi noma ukhone ukuhamba phezu kwayo.ngfuna ukuxoxa nawe bhuti,sisi,mama,baba okhalayo othi mina izinkinga zingimele ngenhla izinto zami azingilungeli kwirelationship,angiwutholi umsebenzi,ngixabana njalo nomndeni wami,bayangithuka omakhelwane,ngizondwa nangabangani bami,lalela ungalwi nenkinga kodwa zama ukubiza unkulunkulu ukuthi endlale indumiso ukwazi ukubhekana naleyonkinga.

Ujesu waphelelwa amandla nanethemba mhla eshawa,ebulawa esiphambanweni bt unkulunkulu akaze ababulale lababantu ababeyinkinga kuJesu wavele wabayeka benza konke abakuthandayo bt wathumela ingelosi ukuthi imnike amandla ngaphandle kokulwa nabo
UDavide akaze azame ukulwisa uSAWULI mhla ephenduka isitha kuye wambika kunkulunkulu wabe esezibulala yena usawuli.

Ngsaphinda unkulunkulu akayisusi inkinga empilweni yakho kodwa undlala indumiso phezu kwayo,musa ukuba lwisa mabekuthuka,musa ukuba thuka mabekuzonda,musa ukubazonda mabekusongela,musa ukuba songela mabengakuniki umsebenzi tshela unkulunkulu ukuthi akangenelele ezintweni nasezitheni zakho ukuze ukwazi ukubhekana nazo hhayi ukuthi ulwe nazo
Unwabu maludlula enyokeni eluhlaza nalo luba luhlaza khona inyoka ingeke ibone ukuuthi nakhu ukudla kwami mangidle kodwa ibona yonke into ifana nayo luze ludlule unwabu enyokeni.

Lalela vumela inkinga yenzeke ungalwi nayo,bt fana nayo zivumele izinto zenzeke empilweni yakho ukuze uzondlula kuzo ungalwi nazo biza unkulunkulu uzofika akunike amandla amasha.izinkinga ngeke uziqede lapha emhlabeni futhi ngeke ulwe nazo ngoba uzosuke ukhohlwe ukuthi ufunanani empilwen Ngathi kuwe mina impilo ayisiyo inkinga kodwa inkinga iyimpilo kuwe which means whatever ohlangana nayo eyinkinga iyimpilo izokukhulisa.
Buka ISIHLAHLA SIDINGA INKINGA UKUZE SIKHULE SIYEPHEZULU,SIYIDINGA KANJANI INKINGA ISIHLAHLA,
ISIHLAHLA ISISHWA ZIMVULA EZIYIZIKHUKHULA KODWA BESE SITHI WENA NGZOKUTHATHA NJENGAMANZI AZONGINISELA NGYEPHEZULU NGIBE LUHLAZA,KUFIKE NGISHO ILANGA LISISHAYE LISHISE BT SITHI ISIHLAHLA WENA LANGA UNGINIKEZA AMANDLA OKUTHI NGIKWAZI UKUKHULU NGYEPHAMBILI

Nyaa went for hunting and caught a deer.When he got home he decided to cook it without saying wat animal meat he was cooking. During supper one of the kids asked “baba yinyama bani le?” Nyaa started laughing. He replied.”yinyama engibizwa ngayo ngumama wenu.” B4 he even finished the older one screamed to the younger one ” Mchatheni khafula “Ngumgodoyi


Uthengele umuntu iCup ngeValentine, then two weeks later uyithole isiphakathi kwesaka leRice.


I taxi yi R13.50 😨 and then banginika I R200 bathi 5, R100 bathi 3 , R100 bathi 4, kuze I R50 bathi 2 lastly R100 bathi 1…eh kwaba mnyama emini 😯….ngisathi ngiyabala someone at the back shouts
“angikakayitholi I change yam”…😕. ngavele ngathi short left mzuzu loyo I taxi iqeda kuphuma e renken

Umuntu omnyama will say anything jst to get off da phone. Like
“awume nghlale phansi, il call yu back”