Yeka i-pride ucele bakushuthise, 📸 uyeke izithombe zeMobicel ezifiphele engathi iphupho.



Uhlanze kahle ikamelo, upheke, qede uyoboleka i-laptop ngo-R80 ajike umuntu wakhona athi akasezi.

Uma ekhaya kini nisaseneMayonnaise yangoDisemba, cha niyizigwili, futhi nje nithwele! 😏
Ngithule ngiyabuka. ✋🏼


“Baby, wenza ama-otherwise kulo nyaka!” 😊
Kusho mina ngizithengele izimbali noshokoledi weLindi Shokolathiyez ngeValentine’s Day.


Nibosipha phela ama-matching outfits uma ucu selugqashukile


Wake wawuzwa u “Nxa” womuntu ohola ngezi-25? Ey, ave bephila labo bantu nomoya wabo omuhle. 👏

Isimanga engisibone etekisini namhlanje angisoze ngasilibala! Kush’ukuthi besigibele nalo sisi, ehamba nalo guy, mina bengihleli eduze kwabo. Esikhaleni nje singazelele, lo sisi avele aqaqe amakinobho e-shirt lakhe kuvele u-bra. Awukhuphule kuvele ibele, lo guy ahamba naye wavele wancela khona lapho! 😲 😲

Bebengenandaba ukuthi sonke siyababuka la etekisini. Le nto yabo iqhubekile isikhathi esingango-5 minutes. Lo sisi cishe uneminyaka engu-27, lo guy abehamba naye cishe uno-3 or 4 months uma ngicabanga.

Futhi-ke eyami inkolo ayingivumeli ukuthi ngi-celebrate i-Valentine’s Day, 😙 infact Hommmmm…