UThimothi uthwele kanzima estobhini sebhasi usindwa ama-suitcase akhe amabili, ngalowo mzuzu kuqhamuke enye insizwa ithi kuye, “Uxolo mfowethu, bengisacela ukubuza isikhathi.”

Aphefumulele phezulu uThimothi, abeke phansi ama-suitcase bese ubuka iwashi lakhe esihlakaleni, “Isikhathi manje, it’s quarter to six.” Kuchaza yena.

“Hey, laze lalihle iwashi lakho!” kubabaza le nsizwa.

Amamatheke uThimothi, “Ja, lona alithusi. Buka la.” Asho akhombise le nsizwa ama-time zones akwamanye amazwe, hhayi ama-time zones nje kuphela kodwa nesimo sezulu kulawo mazwe.

Athinte izinkinojana kuleli washi bese kukhuluma izwi lithi, “The time now is twelve ’til six!” Lasho leli zwi lisho ngendlela okukhuluma ngayo abantu baseNgilandi. Aqhubeke athinte izinkinojana zewashi uThimothi, izwi lisho okuthile ngesiJaphani. Athi uThimothi, “Lapha ngifake amazwi ahlukahlukene kuye ngokuthi ufuna ukuthola ulwazi lwakuliphi izwe.”

Display yaleli washi yayimangaza, yayiveza kucace konke kuthi bha ngingasayiphathi-ke eyezwi elikhulumayo kuleli washi. Le nsizwa ebuze isikhathi yathatheka, yayisilifuna leli washi.

“Akukhona lokho kuphela.” Kusho uThimothi. Asho athinte izinkinobho futhi, kuvele ibalazwe (map) laseThekwini, “Lama chashaza abhanyazayo aveza ukuthi sime kuphi, asebenzisa i-satellite positioning.”

“Ngiyalifuna leli washi, ngifuna ukulithenga!” kusho lo mlisa obebuze isikhathi.

“Cha bo, alikakulungeli ukudayiswa leli washi. Ngasalungisa amaphutha elinawo.” Echaza umsunguli. “Buka la.” Eqhubeka ekhombisa le nsizwa iwashi lakhe ukuthi liyakwazi ukudlala umsakazo (FM radio), likwazi ngisho ukuqopha izwi uma umuntu ekhuluma kanti futhi ungakwazi nokufunda imiqhafazo (SMSes), uphinde ufunde nezincwadi ezeqile ku-200, “Kodwa mina ngisafake ezingu-32 engizithandayo.” Kuphetha uThimothi.

“Kumele ngilitholile leli washi!” Kusho le nsizwa ingasabambeki.

“Cha bo, awuqondi. Alikakulungeli ukudayiswa…”

“Ngizokunika R1000 njangamanje!”

“Cha, libiza kakhulu kunalokho.”

“Ngizokunika R5000!”

“Kodwa alikakulungeli…”

“Ngizokunika R15 000!” Yasho yadonsa i-cheque book le nsizwa.

Athule uThimothi acabange, yena cishe usebensise R7 500 ukwakha leli washi. Ngalo R15 000 angakhanda amawashi amabili mhlampe ayobe esekulungele ukudayiswa ezinyangeni eziyisithupha.

Le nsizwa iqede ukubhala isheke itatazela, ilithathe iliphayizise ebusweni bukaThimothi, “Nali isheke, ngizimisele ukukunika lona njengamanje. R15 000, take it or leave it!”

UThimothi kwadingeka athathe isinqumo ngokushesha, “OK.” Washo elikhipha esihlakaleni iwashi lakhe bashintshiselana, yaqala yahamba ijabule le nsizwa.

“Hey, mana lapho!” kumemeza uThimothi, aphenduke umlisa emangele.

UThimothi akhombe ama-suitcase amabili lawa kade emsinda, “Ungakhohlwa ama-battery akho!”



Indoda eyayineplazi, yayinezingulube ezinhlanu (5) zensikazi. Yahamba nezingulube izisa kwi-auction, ithe uma ifika yahlangana nomunye umlimi owayezodayisa izingulube ezinhlanu ezingamaduna. “Uma ngifuna zikhwelane lezi zingulube ngingenzanjani?” kubuza indoda enezingulube zensikazi.

“Singahlangana nje mfwethu halfway, zizokhwelana.” kuphendula lo omunye umlimi.

“Manje ngizokwazi kanjani ukuthi sezimithi?”

Aphendule umlimi athi: “Uma sezimithi zizoya otshanini ziyodla, uma zingamithi zizobuyela odakeni.”

Manje babeqhelelene ngo 120km ngokuhlala, bavumelana ngokuthi bazohlangana halfway nezingulube lezo zizo khwelana. Yagcina ingasazidayisanga izingulube indoda yabuyela nazo emuva. Ngakusasa yalayisha izingulube evenini yahamba, yabuya.

Ngakusasa izingulube zavele zaqonda odakeni. Wahamba futhi kwaze kwaphela iviki lonke, izingulube zilokhu zibuyela odakeni. Yagcina isikhathele indoda, ngakusasa ekuseni yathi kunkosikazi wayo: “Nkosikazi ngicela ungibhekela ngewindi lezi ngulube ukuthi zikuphi. Zisetshanini noma odakeni?” ibuza indoda izilalele embhedeni.

Aphendule unkosikazi ebona isimanga ngaphandle, “Vuka baba uzobona! Azikho etshanini futhi azikho nasodakeni, zisevenini enye ingaphambili ishaya ihutha!”

Thol’ukuthi kaaade wagcina ukuthandaza, kuthi la uthandaza khona uqale ngokuthi: “Unjani Nkosi? Ayisazani…” 😐

Umuntu uzogezela evrandi kulo Disemba, phela nishiyana kabi nina.


Ngomcelo nje ka R1000 nembuzi 🐐 ehlanyayo ehamba idla umbila 🌽 wabantu☝️usuthi This WAS YOUR YEAR✋Fuseg Nozibusiso

Sifile u- Nozibusiso Bubuh Ndwandwe ne make up engathi Ishlama se peanut butter🙍‍♂️ namhlanje.


USeqalile🧟‍♀️ ke Ne-Crop Top, ☝️ulokhu
Esivezela isibhono engathi igqomoza le Roll on


Inkani🤷‍♂️ kulamantombazane afana nobababo, agoloze usisi ubone kahle ukuthi uyiseke manje lo ☝️
🗣️ Ngyaxolisa nomzanu Xaba🙏

The Way Omnandi Ngakhona U Facebook Ngihleka Ngize Ngikhohlwe Nokuthi iNtombi Yami Ingenza iSlima

uMama Wengane Une Lungelo Lokufonela uBaba We Ngane Ngo 00:00 Ebusuku Asho Ukuthi iNgane Iyazamula