Bese kuzoba yile genge yaseGoli e-pronounce u”R” ngathi ineskhohlela emlonyeni. ✋🏽

“25 grhanta.”



Ningcono nina baniphushile nje kuphela, mina ngibuye sengigqoke uphaca owodwa kwi-Black Friday.

Sengibuya kule Black Friday yakhona,
ngibabaze ngababaza amanani “aphansi” qede ngabuya ekhaya.


Indoda eyayineplazi, yayinezingulube ezinhlanu (5) zensikazi. Yahamba nezingulube izisa kwi-auction, ithe uma ifika yahlangana nomunye umlimi owayezodayisa izingulube ezinhlanu ezingamaduna. “Uma ngifuna zikhwelane lezi zingulube ngingenzanjani?” kubuza indoda enezingulube zensikazi.

“Singahlangana nje mfwethu halfway, zizokhwelana.” kuphendula lo omunye umlimi.

“Manje ngizokwazi kanjani ukuthi sezimithi?”

Aphendule umlimi athi: “Uma sezimithi zizoya otshanini ziyodla, uma zingamithi zizobuyela odakeni.”

Manje babeqhelelene ngo 120km ngokuhlala, bavumelana ngokuthi bazohlangana halfway nezingulube lezo zizo khwelana. Yagcina ingasazidayisanga izingulube indoda yabuyela nazo emuva. Ngakusasa yalayisha izingulube evenini yahamba, yabuya.

Ngakusasa izingulube zavele zaqonda odakeni. Wahamba futhi kwaze kwaphela iviki lonke, izingulube zilokhu zibuyela odakeni. Yagcina isikhathele indoda, ngakusasa ekuseni yathi kunkosikazi wayo: “Nkosikazi ngicela ungibhekela ngewindi lezi ngulube ukuthi zikuphi. Zisetshanini noma odakeni?” ibuza indoda izilalele embhedeni.

Aphendule unkosikazi ebona isimanga ngaphandle, “Vuka baba uzobona! Azikho etshanini futhi azikho nasodakeni, zisevenini enye ingaphambili ishaya ihutha!”


Imithetho Elishumi Nanye Okumele Igcinwe Yizivakashi Kulo Disemba:

1. Ungalivuli i-fridge lami ungafakanga lutho kulo ngoba asikuhlanganiselanga okuphakathi.

2. Uma uvakashile, fika no-plastic kanye negrosa, ucabanga ukuthi uzodla ukudla kwabani? 🤨

3. Uma uvakashile yisho ukuthi uzohamba nini, futhi usheshe uhambe ngoba sizogcina singasakuthandisisi.

4. Uma uvuka, cleaner ngoba asizwani namavila, kodwa uma u-cleaner ungashintshi lutho ngoba kayacika uma usukhuthele kakhulu.

5. Ungazithethisi izingane zalapha ekhaya, uma zi-spoiled khumbula ukuthi zikubo, uwena osuke kini weza la kubo.

6. Ungafiki namaCDs akho, lapha ekhaya kudlala ezethu izingoma kuze kuse, uma ungazithandi ungalokothi uzishintshe ngoba sizokubuka kabi maqede sikuxoshe.

7. Ungayi njalo e-toilet ngoba asizwani nephunga esingalijwayele kanti futhi namanzi ayakhokhelwa.

8. Uma sekuzofika izinsuku zakho zokuhamba uqikelele ukuthi imali iphelele ngoba asinayo eyokukugibelisa uma usuphindela emuva, asikulethanga futhi asikubizanga.

9. Ungabi nabangani ozobathola ngapha ngoba isigcino uzobavakashisa lapha ekhaya kanti kwawena uvakashile bese uba nesidina more.

10. Nge-New Year’s Eve kumele kuhlukanise ingoma kaLokhuza, uma kungenjalo sonke sizo-complainer. Ukhozi FM sizolucisha uma kuhlukanise ingoma esingayifuni bese sidlala uLokhuza ngefoni, wena-ke waphuma eceleni ungaphinde ubuye lapha ekhaya ngoba uyaphapha.

11. Ziphathele i-charger yakho kanye nophaqa, bonus points uma uziphathele ne-adapter plug. Sizozwana.


I can’t wait to buy a car, ngizikhiphe nabangani bami abangenazimoto. Sithi sisahlale 30min e-clubbin bese ngithi: “Sengi-right bef’ethu, asinyakaze.

Uthi uyamduduza umuntu uthi kuzolunga, avele athi: “Nini?”

Ngizokwazi ngani-ke mina?